Goto News >
Search..

Goto News
izobhikla ushameni intaba yaseDubai

Kuzodilika umthangala uma sekudedelwa icwecwe elisha laMabunjwa lakulonyaka. Le album elindelwe abaningi kubhekwe ukuthi ibe enye yama album azodla umhlanganiso kuleliPhasika kwazise amaciko amaningi awangenanga estudio.


Iciko elingadlali uMaskandi elidume kakhulu emculweni weHip Hop ngelithi Intaba yaseDubai, lithembise ushameni ongakaze ubonakale kusukela wadabuka lo mhlaba ngesikhathi soNoah. "Ngifuna ukubonisa umhlaba wonke ukuthi angithothobele mina. Ngizobhikla ushameni ongazange ubhiklwe ngisho Indidane."

Kubeka Intaba yaseDubai. Kulindeleke ukuthi le album iphume sekusondele izinsuku zePhasika kanye nekaJaiva Zimnike. Lawa iwona ma album abhekwe ngabomvu njengoba izinkunzi ezifana naboKhuzani zisathule nje.