Goto News >
Search..

Goto News
Ngeke uhambe ugesi esikhumbuzweni senkosi

Abakwa Eskome sebememezele ukuthi ngeke siphazamiseke isikhumbuzo senkosi ngenxa yokuhamba kukagesi. Le nkampane ngolwesithathu imemezele ukuthi izwe lizongena kustage 2 sokuhamba kukagesi kodwa lowo mgomo uzohoxa ngolweSine kusukela ehoreni leshumi kuya kwelesibili ntambama.


"Lokhu sikwenza ngenhloso yokuhlonipha isikhumbuzo senkosi esishiyile emhlabeni uGoodwill Zulu. Inhloso yalolu hlelo ukuthi isikhumbuzo sihambe kahle kungabibikho ukuphazamiseka ngenxa kagesi ohambayo njalo ngalesi sikhathi." Kubeka oKhulumela le nkampani kagesi ezwenikazi.

Kuzothi ntambama ngolwesine sibuye futhi istage two ngezikhathi zabo-5 kuze kushaye uMgqibelo. 


Eskom ukhala ngokuthi ulahlekelwe amandla amaningi kagesi yingakho uzama ukuwabuyisa ngale ndlela.