Usevele wayimosha lento ngokuhlehlisa usuku obekumele kuphume ngalo AMA AK47 umfoka Galaji. "Siphoxekile impela ngoba bese sithembile sithi solidla kahle iphasika sinengoma entsha kodwa kwabheda." Kubeka uMfenemnyama kwezikababhemile. Nakuba kunjalo, injabulo ibhalwe mehlweni kubathandi bomculo kaMaskandi. Lokhu kulandela ukutrenda kwesithombe sikaJaiva Zimnike umfoka Khenyeza ozalwa
Incephelezi kakhiye, intombi engenasinqe kazi iyohlala ngani emzini. Kulesi sithombe uvela ehleli neciko elinesiphiwo esimangazayo uPotso umfoka Ngobese. Akungabazeki ukuthi ukuhlangana kwalezi zinsizwa zombili kusho ukuphuma kwento ecokeme kakhulu uma beke bangena estudio ngoba akuphakwa nhlobo okungavuthiwe kahle. Abasakhoni ukuzibamba abathandi bomculo njengoba kuza Iphasika nje, nendlala yomculo ithe bhe.
"Kade ngafisa ukubona le combo. Noma ngabe bebedlala ngathi benza sengathi bazocula ndawonye kodwa ngicela besale sebenzela thina esibathandayo ukuthi besijabulise. Awucabange nje umnkenenezo wephimbo likaJaiva kanye nelika Potso engomeni eyodwa maqede bayodlala estage." Kubeka uMzukulu kaGalaji eNquthu.
Ezanywa uJaiva kanjalo noPotso mayelana nokuhlangana kwabo abatholakalanga kodwa bazogcina betholakele bechaze ukuthi ngabe kukhona yini okumnandi abakuhlanganisele abathandi bomculo kuleli Phasika.