Goto News >
Search..

Goto News
Ukhala ngoMroza noNtencane uKhuzani
"BACULI BAKAMASKANDI YINI LENA ENGAKA ENGINONE NGAYO SHONINI NGIXOLISE." Kusho uKhuzani. "Lengoma isigile izimanga phambu kwenu nibuka kodwa nenza sengathi anikuboni lokho. Ikunumber 1 trends eSouth africa. Ishaye 700k views in one week phambu kwenu
Ngabizwa ngayo ku Sports@10 ngayo nibuka, Iku number 4 kuma Top songs e South africa phambukwenu. 

Izolo ngibizwe uNdunankulu ezongibongela ngayo niyakwazi lokho. Ivunywe o DJ abakhulu nibuka ngingabala: oBlack coffee, Dj Tira, Dj Happygal Nabanye abaningi konke lokho niyakwazi ukunalokho nibusy nifunza abantu ukuthi abavotele izingoma ezingakaze zivele ngisho ephepheni lamazambane futhi ezingenawo wonke lomlando engiwubale ngenhla kungani?

Uma kumele ngifele ukukhuluma iqiniso akusenani kodwa lento eniyenzayo iwumona osobala kusuka nini nina sekuyinina enitshela abantu ukuthi abavotele ziphi izingoma?
Inhloso yalokho iyini? Kungani ningathi akuvotelwe ezenu ngoba nani niyacula futhi nikhiphile?
Angiyena umuntu othanda ukusiza umuntu bese ehamba ebikela wonke umuntu ngalolo sizo kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi nginitshele konke ngoba ngiyabona lana kudlaliswana imbazo.

MROZA


Nkabi yami yimi lona owayehla enyuka ekukhankasela left and right ngize ngithukwa kuthiwa ngizisondeza kuwe ngoba nakhu uku top 10.
Uyakhumbuza saze sashutha nawe silingisa u Van dam ngathukwa kwathiwa ngingunontanda kubukwa ngoba ngikhombisa ukweseka uMculo kaMaskandi wonke kanye nawe ngokuqokwa kwakho kodwa namhlanje?


NTENCANE


Yimina kanye lona okuthena ungena ku top 10 ngenza ivideo ngengoma yakho ngicula ingoma yakho ngithi votelwa,
Yimina lona mf2 owakuhlelela i interview ku SABC2 lapha owafika khona wakhankasa bukhoma izwe libuka konke lokho kwakuwuseka ngoba usuqokiwe kwi Top 10 futhi ngikhombisa ukuthi anginawo umona ngokuqokwa kwakho
Kodwa namhlanje?


ABACULI

Yimina okuthi uma kuwine umculi kaMaskandi ngigijime naye ngiye estage ngiyombongela bukhoma izwe libuka ngijike ngithukwe kuthiwa ngithanda ukubukwa kodwa mina ngibe ngikhombisa ubumbano nokungabi namona nomunye umuntu.

Baculi lento eniyenzayo ukuthi nifunze abantu ukuthi abavotele izingoma ezithandwa yini, iqiniso lithi akukhona ukuthi yingoba nizithanda lezongoma yingoba nilwa izimpi zenu ngazo zaphuma nini lezongoma nake nathini ngazo njengoba senizikhumbula manje nje? Naningawenzi ngani amavideo nizicula? Naningapost ngani ngazo zisanda kuphuma ninxenxe abantu ukuthi bazithenge inkinga umona? Kunabaculi mina engibathathe ngabafukamela ngadela konke kodwa namhlanje bakwazi ukuCompaigner against mina. HAWU!!NAWE MBOPHA KASTHAYI? 

GCWALISA IMABHIDA

Ngakhombisa ngokusobala ukuthi angiyena umuntu onomona novalela abanye abaculi njengoba ngakwazi ukumema wonke amaciko senza umcimbi waba yimpumelelo ngangingasebenzisi ukuthi abanye bayangithuka kodwa ngangivule izandla kuwona wonke umuntu konke lokho akushongo lutho kunina?

Namhlanje nehlulwa ukungibongela niqokela ukungibhinqa? Niyothanda yini uma lapha kuMaskandi sengithi angisaseki muntu ixoxo nexoxo umazigxumele? Kanti yini lena engaka enginone ngayo?
Angisho ukuthi phushani ingoma yami kodwa mina ngigxeka umona osobala seniqale nini nina ukuba ngamajaji ezingoma zabanye abaculi?