Babuye belambatha aebebqhathwe noMakatazidudla umfoka Ngobe. Le nsizwa iqwaqwade ozakwabo kanye namanye amaciko ezokusakaza kowe Best Radio Presenter Male.
Okusho ukuthi uyena umsakazi ohambe phambili kwezokusakaza kubantu besilisa. Ukhale izinyembezi zenjabulo waphelelwa amagama okubonga uma ezwa igama lakhe libizwe kwabenze kahle emcimbini omkhulu obuse Thekwini ICC.
"Ngeswele wona amazwi, ngeswele yona imilomo ezinkulungwane engingabonga ngayo kubathandi bezinhlelo engisakaza kuzona. Kusukela ngonyaka wama 2003 abalaleli besikhondla khondla somsakazo abakaze bangiphoxe." Kubeka uTshatha.
"Awu eningenzela khona ngane zakwethu angazi ngingakubonga ngithini. Kodwa uNkulunkulu esimkhonzayo sonke uyazazi izinhliziyo zenu eningivotela ngazo ukuze nginqobe izizwe.
Kuhlula ngisho sebelubophile uzungu abanezinhliziyo ezimbi bethi bazama ukuyiketula eyakwaNgobe kodwa bengibone ngizihambela nje kube sengathi akwenzekanga lutho.
Ngifisa sengathi kunganda kakhulu la enithatha khona, uNkulunkulu aniphe izibusiso nonke nina eningiphile amavoti enu okuyiwona aqinisekisile ukuthi ngibuya ngijabulile nami."