Goto News >
Search..

Goto News
Bafisa kudedelwe uGcabashe ejele

Yayenza indaba icutting edge. Lolu hlelo lukamabonakude luvuse umunyu kubathandi bomculo bakaMaskandi njengoba lubakhumbuze ngeqhawe uMnumzane John Gcabashe owaboshelwa amacala okubalwa kuwona elokudlwengula nelokuzibiza ngeBhova namanye amaningi. 


Ekuqaleni komkhuhlane omkhulu ngonyaka odlule icorona, uhulumeni wakuleli waveza ukuthi kungase kudedelwe iziboshwa eziningi emajele ngoba kwakuzanywa ukuthi isifo singabhebhetheki kakhulu. Laba likhulu kakhulu ithemba kubalandeli ababezitshela ukuthi bazobona Inkosi kaMaskandi uGcabashe idedelwa.

"Kuyisifiso sami ukuthi idedelwe manje leya nsizwa. Indlela engiculela kamnandi ngakhona kubukeka sengathi ngiyoba umlandeli wayo wokuqala kwazise nobunsizwa nobushinga bukhona kuleya nsizwa. Njengobani ongahlanganisa izizwe zonke zomhlaba azibize ngomculi athi uvuka ekufeni."


"Kuningi esingakulindela kuleya nsizwa uma inganikwa ithuba izibonakalise endimeni yomculo. Sekwande amavukane amaningi kakhulu la emculweni ashaya udaka lodwa. Ngicikwa nawukuthi amacala ale nsizwa agcina engagculisi kwabaleka nabameli. Kungenzeka ukuthi iboshelwe into engekho."


"Kunini abantu bezibiza ngabantu kodwa kuthuleke. Zolo lokhu uMthandeni ubezibiza ngoNyazi kodwa nangu ngaphandle uzidlela amabele. Akadedelwe uGcabashe siyamdinga endimeni kaMaskandi sizonqoba ngaye izizwe ngoba uKhuzani uwudlala yedwa manje lo mdlalo." Kubeka uKhulangensika KwezeNdlamlenze phezulu kwaNgono.