Goto News >
Search..

Goto News
Bayithola mahhala kuFakaza ekaKhuzani

Balala bengadlile abaculi ngalama website afaka umculo wabo ngaphandle kwemvume yabo. Bakhala ubumayemaye kodwa abakhoni ukuthathela abanikazi balama website izinyathelo.


Kuqale kwakhala uDj Tira ngale website okuthiwa iFakaza ethatha izingoma zabo izifake bese abantu bezithola mahhala. "Ngiyakhuza lapho koFakaza ngithi kahleni ngoba nibulala umculo wethu siwusebenzela kanzima kanje." Kusho uTira.

Kumanje ilele isibili kumadownloads angempela ekaKhuzani njengoba kutrenda le ngoma ethi umshado akulona ijele. Lo mculi ukholwa ukuthi ngabe usehleli esicongweni ngenhla kukaBig Zulu ohamba phambili ngengoma yakhe ethi ngifisa ukuba nemali.


Aziphumeleli izifiso zikaKhuzani ngoba umculo wakhe usutholakala mahhala koFakaza nako mp3juice. "Bafwethu isiphethe kabi singabaculi le ndaba kaFakaza no-mp3juice nabanye." Kusho Indlamlenze.


"Lamawebsite afaka umculo wethu bese abantu bewuthola mahhala ngaphandle kwemvume yethu. Sizobathathela izinyathelo ngoba benza izinto ezingekho emthethweni. Abanawo amacopyright omculo wethu.


Sicela bafwethu ningawudownload umculo wethu kulama website ngoba asitholi lutho thina ngawo. Iyatholakala iCD kaKhuzani ezitolo zomculo nakuma digital asemthethweni. Khohlwani ilaba abafaka umculo wethu ngaphandle kwemvume."