Goto News >
Search..

Goto News
Uzovikisa Igcokama uMajotha

Kulindeleke umtalabho ongakaze ubonakale njengoba Igcokama elisha liyinyathele emsileni nje. Kule  yalo entsha eshisa izikhotha kumanje, leli ciko litalabhe laze latabha ngisho le nsizwa esekuneminyaka liyifaka kuvoicemail.


Kulokhu lizwakale lizifaka zonke enyameni lithi usehlala emaflatin Kwamashu. Ekuzwa lokho uMajotha umfoka ZUngu ukhulume nabezindaba wathi uwutholile umkhonzo osuka kule nsizwa yaseMdletsheni and uzolibhula elakhe ihawu.

"Angibingelele kuphi nakuphi la kufinyelela khona lomlayezo. Ngithi angedlulise lo mlayezo wokuthi useyinyathele emsileni inyamazane. Mhlaka 11 December kuzophuma iHard Copy yaleli cwecwe lami elisha." Kusho uMajotha.


"eKZN lo msebenzi uzotholakala mhlaka 12 December kanti kumadigital uzoqala ukutholakala mhlaka 5 December. Ngicela ningiphe isupport kunina nonke ngane zakwethu.


Nalabo abathi ngeke bekwazi ukuthenga iCD ngoba sebethenge from digital stores ngiyacela bafwethu ukuthi ningixhase. Lo mfana wenzani???"  Kubuza uMajotha kule nsizwa akazoyitalabha kujike ilanga.