Intaka iyobe ibekelwe amazolo eQhudeni eNquthu mhla zingamashumi amabili nambili kwephuzulu. UMajayvana umfoka Miss ofundisa engafundile umema zonke izinsizwa nezintombi nomama nobaba nomkhulu nogogo ukuba bazokwethamela ilanga lasebusika ekhaya kwaKhanyeza bebukela zingqubulana ngoshamen.
"Gcina ngci mfana wami, ungayithinti inkunzi. Ngicela ukwazisa onke amagoso engoma esizweni seNkosi uSithole eQhudeni ngengoma ezobe ibekwe imina uJaiva Zimnike umfoka Khanyeza. Le ngoma izobe iyindumezulu njengoba uNgizwe umfoka Mchunu ezobe ezokhokha itafula lami akalibulala ziyibhikla endlini sibuya ukuyobeka ubaba uNtshebe Khuzwayo kwaNgqulu". Kubeka uJaiva Zimnike. oqhube wathi:
"Kuzobe kungabekwe steki kepha zizobe zingqubulana nje ngengoma. UNgizwe uzobe efike nezakhe zaseMabhuqwini kanye nenkomo ehamba ngezinyawo ezodliwa ngalolo suku. Ngiyobe sengibamba enye esibayeni ezohlatshwa kanye nekaNgizwe, ukwamukela izihambeli zethu. Le ngoma izoqala ngehora lesishiyagalolunye ekseni." Kuphetha umfoka Ngwane.
Eyifakazela le ndaba uMacingwane uthe "impela kobe konakele kakhulu mhlaka 22 June ngeSonto eMsamo kuJaiva zimnike njengoba esimemile nje ukuthi sizodlala ushameni. Itafula ke lizobe likhona sobe silitshethe emahlombe ngalelo langa nezami zaseMabhuqwini sisho sithi gcina ngci mfana wami". Kubeka iChunu.
