Goto News >
Search..

Goto News
Akhala ngengcindezelo amagoso eNquthu eQhudeni

Asale ebambe ongezansi, ongenhla awuyekela amanzi asemakhaleni amagoso angomakhelwane eMshukansizwa kude buduze naseMsamo. "Ngifuna ukuyokhombisa umphakathi wangakithi eQhudeni ukuthi ngisagijima njengoba babengazi, ngiyobe ngishiyelana namagoso endawo inkundla mhlaka 22 June kweyetafula." Lawo ngamazwi ashiwo uJaiva ngaphambi komcimbi.

Okuthe uma sekufike ozakwabo okungabaculi bakaMaskandi akangabe esakuqhakambisa ukubaluleka kwamagoso kepha kwaqhakambiswa amaciko kaMaskandi. "Hamba manje uyobheka ekhasini lakhe kuFacebook ubuye uzongitshela ukuthi usayizwa kodwa yona indaba yamagoso endawo? Mina ngizibonela kunakwe abaculi nje usungathi bekungumcimbi kaMaskandi."

Kukhala elinye lamagoso endawo esingeke salidalula igama lalo. "Impela kuyakhalisa kakhulu ukubona singasanakwa kangaka. Sengithanda ukusola ukuthi kungani bengabizwanga engomeni kaZwelonke. Thina njengamagoso sifisa umcimbi wengoma kube owengoma, okaMaskandi kube okaMaskandi. Sidangele kakhulu njengoba sekuqhakambiswa abaculi nje, indaba yethu ayisanakwa nhlobo. Asifakwanga ngisho etendeni sadlela ezintulini". Kuphetha lona igoso elinganelisekile neze.