"Ngasho ngathi esiyohlangana khona angeke kumile mbuya, futhi angeke kumile tshani. Ngaqhathwa mina le phansi eMsamo isigodi angeke ngidlale abafana basezinkangala. Bekuyini khona lokhu okuMbeje ukube sekungashaya mina kujike kuthuleke nje engathi bekushaya ivaka?'
Lawo amazwi kaSwidi odume ngoGcabashe insizwa yale eMshukansizwa kwesikaJaiva Zimnike umfoka Khanyeza. Okumphathe kani uGcabshe ukuthi akamtholanga uMjebe nokunguyena abekade emfuna phansi phezulu.
"Kuyohamba kusinda lamahlikihlikana. Angithi kusizwe ukubaleka kuyongena kule motshwana yakho okwayithengelwa abalandeli".
"Akusenani ke kodwa ngoba isibhongo ngiye ngasikhiphela kumfowabo. Sebeyolala bekhothana amanxeba kodwa eyami naye ayikapheli futhi isekude ukuphela. Uyoba sabone umuntu omubi abaleke azephule". Kuphetha uSwidi.
Eziphawulela uMbeje ngalolu daba uthe ayiyinhle neze lento eyenziwe uSwidi yokuthi uma engamtholi yena bese eshaya ingane ingenze lutho. "Akunani ngizomthoba umfowethu la akashayeke khona kodwa kungubugwala lento eyenziwe ileli vaka. Akashaye mina hhayi abantu abangenze lutho." Kubeka uMbeje.
