Goto News >
Search..

Goto News
Uthi ufuna intombi akazoyodla nayo imali yokunqamula unyaka

Bekusinwa kudedelwana eThekwini namaphethelo njengoba kade kukhona izihlabani zodwa lapho esingabala khona oSjava, Big Zulu, Dladla Mshunqisi, Tipcee, Madanono, Hlengiwe Mhlaba, Phumlani Khumalo (aka, Mfezi Emnyama oqale wadlala enguPhumlani lapho adlala khona lomculo wakhe abawubiza Trap Maskandi), Mzukulu, Njoko, Gadla Nxumalo, Mthandeni Igcokamelisha Manqele kanye nenkosi yoTamatisi (Jumbo) ehemba nenduna yotamatisi okunguThina Zungu.


Izidlo bezikhona impela bekusindwe ngobethole njengoba neziphuzo bezitholakala mahhala futhi zingangolwandle. Sizokhumbulake ukhuthi kwenzakalani December 31 2020 ebusuku ngo 12 kufonelwa umlandeli ovote kakhulu okwedlula bonke abablandeli befonelwa umsakazo uKhozifm.

Lensizwake yakwaMnqele ingenile yadlala izingonyana zayo ezimbalwa njenge njwayelo yabe isithatha imicro phone (umbhobho wokukhuluma) ukubingelela zonke ezethamili zomcimbi omkhulu nokuyilaphoke ibe isibuza khona ukuthi aphi amantombazane, zachwaza izintombi yabe isithi ifuna intombi eyodwa ezohamba nayo beyodla imali yoku hlukanisa unyaka. Ngibe sengizibuza ukuthi kanti ubani owahlukanisa unyaka?


Omunye umubuzo engizibuze wona, ukuthi kanti ikhona yini imali etholwa umculi ohlukanise unyaka? Noma mhlampe leyomali inikezwa umculi oye walala isibili ngoba phela ngolwazi lwami enginalo uMthandeni walala isibili, Pho lemali yokuhlukanisa unyaka akhuluma ngayo iyona kuyiyiphi?