Goto News >
Search..

Goto News
MC Tshatha usededele obunye ubufakazi obubi ngoFakazi BakaJehova

UKhathide Ngobe uklebhulaklebhula bosala bethunga abanezinalithi, umakat'azidudla ngokudl'ezitolo, umfan'omuhle ngamehlo njengonina uThembi. Lensizwa eyashiywa unina uThembi eminyakeni emibalwa eyendlule neyaduma kakhulu ngokusakaza uhlelo olukhulu usiGiyangengoma (Utalagu) emsakazweni omkhulu kazwelonke uKhoziFM ilokhu ikhale njalo ngebandla eyayisonta kulo kuyibandla abasonta kulo bonke kubo elibizwa OfakazibakaJehova. Lendoda yagxeka kakhulu lelibandla kanye nemithetho yalo engikho eNcwadini engcwele ekudluleni emhlabeni kuka nina uThembi.

Kubikwa ukuthi ekuguleni kukaThembi okungu nina kaKhathide Ngobe ofakazibakaJehova bayasoleka ngokukaTshatha ngoba umama wakhe wagula kakhulu eshoda ngegazi emzimbeni nokwaholela ekutheni agcine edlulile emhlabeni kodwa ikhona indlela yokuhlenga impilo yakhe. Ngokusho kodokotela kwakufanele adonethwele igazi kodwa umthetho wenkolo yakhe ebizwa "Ofakazi bakaJehova" wawungamuvumeli waze wadlula emhlabeni.

UNgobe usephinde wakhala ngokuthi wayeboshiwe esasonta kuyo lenkolo ngoba ziningi izinto ayengavumelekile ukuzenza. Kulezo zinto kubalwa ngisho nokubeka intshebe. Ekukhaleni kwakhe ubalule ukuthi uJesu okunguyena okhonzwa kulenkolo wayengashefi wayeshaya ngenkunzimalanga yehwanqa kodwa bona kuthiwa abavumelekile ukubeka intshebe...